KwabaseKholose 1:19-23

KwabaseKholose 1:19-23 ZUL20

Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo, nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini. Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi, nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe, uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo