KwabaseKholose 1

1
Isibingelelo
1 UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane, 2 kubo abangcwele baseKholose, nabazalwane abakholekileyo kuKhristu: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.
UPawula Ubonga Ukukholwa Nothando LwabaseKholose
3 Simbonga njalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uma sinikhulekela, 4 ngokuba sizwile ngokukholwa kwenu kuKhristu uJesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele, 5 ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo phambilini ngezwi leqiniso levangeli, 6 elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke, lithela izithelo, landa, njengalokhu kwenzeka naphakathi kwenu, kusukela ngosuku enalizwa ngalo, nawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso, 7 njengalokhu nafunda ku-Ephafra othandekayo, oyinceku kanye nathi, isikhonzi esethembekileyo sikaKhristu ngenxa yenu; 8 okunguyena futhi owasitshela ngothando lwenu ngoMoya.
UPawula Ubakhulekela KuJesu
9 Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, 10 ukuze nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu, 11 niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula, 12 nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni, 13 owasikhulula emandleni obumnyama, wasingenisa embusweni weNdodana yothando lwakhe; 14 okukuyo sinokuhlengwa nokuthethelelwa kwezono.
Ubunjalo BeNdodana KaNkulunkulu Nomsebenzi Wayo
15 Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo, 16 ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona. 17 Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo. 18 Yona iyinhloko yomzimba, ibandla; iyisiqalo, izibulo kwabafileyo, ukuze Yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke. 19 Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo, 20 nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini.
21 Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi, 22 nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe, 23 uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.
UPawula Uthokozela Ukubasebenzela Nokubalwela
24 Manje ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu, ngokuba ngigcwalisa okusileleyo ezinhluphekweni zikaKhristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe oyibandla, 25 engenziwe isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu owanginika sona maqondana nani, ukuze ligcwaliseke izwi likaNkulunkulu, 26 ngisho imfihlakalo ebifihlakele kusukela emandulo nasezizukulwaneni, kodwa manje yambuliwe kwabangcwele bakhe, 27 okuyibona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe. Le mfihlakalo inguKhristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo. 28 OkunguYena esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sibafundisa bonke abantu ngokuhlakanipha konke, ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKhristu, 29 engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseKholose 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume