KwabaseKholose 1:15-23

KwabaseKholose 1:15-23 ZUL20

Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo, ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona. Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo. Yona iyinhloko yomzimba, ibandla; iyisiqalo, izibulo kwabafileyo, ukuze Yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke. Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo, nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini. Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi, nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe, uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKholose 1:15-23

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo