KwabaseKholose 1:15-19

KwabaseKholose 1:15-19 ZUL20

Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo, ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona. Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo. Yona iyinhloko yomzimba, ibandla; iyisiqalo, izibulo kwabafileyo, ukuze Yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke. Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKholose 1:15-19