IZenzo 8:1-25

IZenzo 8:1-25 ZUL20

USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela. Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu. Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele. Abahlakazekileyo bahamba beshumayela izwi levangeli. UFiliphu wehlela emzini eSamariya, wabashumayeza uKhristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakushiwo nguFiliphu, zizwa, futhi zibona izibonakaliso ayezenza. Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi. Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu. Babemnaka bonke, kusukela kwabancane kuya kwabadala, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu.” Babemnakile ngoba isikhathi eside wayebamangalisa ngemilingo yakhe ayenzayo. Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane. USimoni naye wakholwa; esebhabhadisiwe wamlandela uFiliphu, emangaliswa izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyayenzeka. Kuthe lapho abaphostoli eJerusalema sebezwile ukuthi abaseSamariya balemukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo uPhethro noJohane. Kuthe sebefikile, babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo, kodwa babebhabhadiswe egameni leNkosi uJesu kuphela. Ngakho-ke babeka izandla phezu kwabo, base bemukela uMoya oNgcwele. Kepha uSimoni, esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli abantu bemukela uMoya, waletha imali kubo, wathi: “Ngipheni nami leli gunya ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe, amukele uMoya oNgcwele.” Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi, ukhuleke eNkosini, hleze ikuthethelele umdlinzo wenhliziyo yakho, ngokuba ngiyabona ukuthi ugcwele umona futhi uyisigqila sobubi.” USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze ngingehlelwa yilokho enikushilo.” Kuthe sebefakazile, balikhuluma izwi leNkosi, base bebuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.

Funda IZenzo 8

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 8:1-25