IzEnzo 8:1-25

IzEnzo 8:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela. Amadoda akholwayo amngcwaba uStefani, amkhalela isililo esikhulu. Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele. Abahlakazekileyo bahamba beshumayela izwi levangeli. UFiliphu wehlela emzini eSamariya, wabashumayeza uKhristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakushiwo nguFiliphu, zizwa, futhi zibona izibonakaliso ayezenza. Kwaphuma imimoya engcolileyo kwabaningi ababenayo, iphuma imemeza ngezwi elikhulu. Kwaphiliswa abaningi abafe uhlangothi, nabayizinyonga. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi. Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu. Babemnaka bonke, kusukela kwabancane kuya kwabadala, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu.” Babemnakile ngoba isikhathi eside wayebamangalisa ngemilingo yakhe ayenzayo. Kepha kwathi ukuba bakholwe yivangeli elashunyayelwa nguFiliphu ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu uKhristu, babhabhadiswa abesilisa nabesifazane. USimoni naye wakholwa; esebhabhadisiwe wamlandela uFiliphu, emangaliswa izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyayenzeka. Kuthe lapho abaphostoli eJerusalema sebezwile ukuthi abaseSamariya balemukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo uPhethro noJohane. Kuthe sebefikile, babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo, kodwa babebhabhadiswe egameni leNkosi uJesu kuphela. Ngakho-ke babeka izandla phezu kwabo, base bemukela uMoya oNgcwele. Kepha uSimoni, esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli abantu bemukela uMoya, waletha imali kubo, wathi: “Ngipheni nami leli gunya ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe, amukele uMoya oNgcwele.” Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nalifa kuleli lizwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi, ukhuleke eNkosini, hleze ikuthethelele umdlinzo wenhliziyo yakho, ngokuba ngiyabona ukuthi ugcwele umona futhi uyisigqila sobubi.” USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze ngingehlelwa yilokho enikushilo.” Kuthe sebefakazile, balikhuluma izwi leNkosi, base bebuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.

Dlulisela
Funda IzEnzo 8

IzEnzo 8:1-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli. Amadoda akholwayo amngcwaba uStefanu, amkhalela kakhulu. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Ngakho abahlakazekileyo bahamba betshumayela ilizwi. UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye lokho uFiliphu ayekukhuluma, zizwa futhi zibona izibonakaliso azenzayo. Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abanabo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa. Kwaba khona intokozo enkulu kulowo muzi. Kepha kwakukhona indoda ethile, igama layo linguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, ibhuqa abantu baseSamariya, izitshela ukuthi ingumuntu omkhulu; ababemlalela bonke, kusukela komncane kuze kube komkhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu amakhulu. Basebemnaka, ngoba kwasekuyisikhathi eside ebathakatha ngemilingo. Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. Naye uSimoni wakholwa, esebhapathiziwe wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nezibonakaliso ezenziwayo. Kwathi abaphostoli abaseJerusalema bezwile ukuthi iSamariya ilamukele ilizwi likaNkulunkulu, bathuma kubo oPetro loJohane; Sebehlile babakhulekela, ukuze bamukele uMoya oNgcwele; (Ngoba wayengakehleli phezu kwamunye wabo, kodwa babebhabhathizwe ebizweni leNkosi uJesu.) Basebebeka izandla phezu kwabo, basebemamukela uMoya oNgcwele. USimoni esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya oNgcwele, waletha kubo imali. Ethi: “Nami ngiphe lawomandla, ukuze kuthi noma ubani engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele. Kepha uPetru wathi kuye: “Imali yakho mayibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nasabelo kule ndaba, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile emehlweni kaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse kuNkulunkulu, ukuba mhlawumbe uthethelelwe isizindlo senhliziyo yakho. Ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo, nasesibophweni sobubi. USimoni waphendula wathi: “Ngikhulekeleni nina eNkosini ukuba kungenzeki lutho lwalokhu enikushilo. Kwathi sebefakazile, beshumayela izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yamaSamariya.

Dlulisela
Funda IzEnzo 8

IzEnzo 8:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu. Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni. Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli. UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo. Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa; kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi. Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu; banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,” babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe. Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo. Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane; sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela. Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele. Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo, wathi: “Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.” Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho, ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.” USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.” Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.

Dlulisela
Funda IzEnzo 8

IzEnzo 8:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)