“Kepha oPhezukonke akahlali ezindlini ezakhiwe ngezandla, njengokuba esho umphrofethi, ethi: “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; luhlobo luni lwendlu oyakungakhela lona’, kusho iNkosi. ‘Iyiphi indawo yami yokuphumula na? Akusona yini isandla sami esenze konke lokhu na?’ “Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu. Yimuphi kubaphrofethi ongahlushwanga ngokhokho benu na? Bababulala ababememezela phambilini ukuza koLungileyo, nani manje seningabakhapheli nababulali bakhe. Nina enemukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kodwa anawugcina.” Bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgedlela amazinyo. Kepha yena, egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu
Funda IZenzo 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZenzo 7:48-55
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo