IzEnzo 7:48-55
IzEnzo 7:48-55 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi: “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; ngenjani indlu eniyakungakhela yona,’ isho iNkosi, ‘noma yiyiphi indawo yami yokuphumula na? Isandla sami asikwenzanga konke lokho na?’ “Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani. Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe, nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga.” Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo. Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu
IzEnzo 7:48-55 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha oPhezukonke akahlali ethempelini elenziwe ngezandla; njengokusho komprofethi. Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, lomhlaba uyisenabelo senyawo zami; isho iNkosi; noma iyini indawo yami yokuphumula na? Isandla sami asizenzanga zonke lezi zinto na? Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje; enamukela umthetho ngesandla sezingelosi, kepha aniwugcinanga. Kwathi bekuzwa lokho bahlabeka ezinhliziyweni, bamgedlela amazinyo. Kodwa yena egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, loJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu
IzEnzo 7:48-55 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kepha oPhezukonke akahlali ezindlini ezakhiwe ngezandla, njengokuba esho umphrofethi, ethi: “ ‘Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; luhlobo luni lwendlu oyakungakhela lona’, kusho iNkosi. ‘Iyiphi indawo yami yokuphumula na? Akusona yini isandla sami esenze konke lokhu na?’ “Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu. Yimuphi kubaphrofethi ongahlushwanga ngokhokho benu na? Bababulala ababememezela phambilini ukuza koLungileyo, nani manje seningabakhapheli nababulali bakhe. Nina enemukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kodwa anawugcina.” Bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgedlela amazinyo. Kepha yena, egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu
IzEnzo 7:48-55 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)