IZenzo 6:8-15

IZenzo 6:8-15 ZUL20

UStefani, egcwele umusa namandla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani. Kepha abakwazanga ukumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho. Base beshusha amadoda ngasese ukuba athi: “Simzwile ekhuluma amazwi ahlambalazayo ngoMose nangoNkulunkulu.” Bashusha abantu, amalunga, nezazimthetho ukuba batheleke kuye; bambamba, bamyisa emkhandlwini. Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi amelene nale ndawo engcwele nangomthetho, ngokuba simzwile ethi uJesu waseNazaretha uzakuyibhidliza le ndawo, aguqule namasiko esawanikwa nguMose.” Bonke ababesemkhandlwini bamgqolozela uStefani, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.

Funda IZenzo 6