IzEnzo 6:8-15

IzEnzo 6:8-15 ZUL59

Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu. Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu; kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho. Khona bathenga amadoda athi: “Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu,” bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini; bamisa ofakazi bamanga abathi: “Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho; ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.” Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.

Funda IzEnzo 6