IZenzo 4:8-12

IZenzo 4:8-12 ZUL20

UPhethro egcwele uMoya oNgcwele, wathi kubo: “Babusi besizwe nani malunga, uma sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle owenzelwe umuntu ogulayo ukuthi uphiliswe kanjani, makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile. Yena uyitshe elanqatshwa yinina bakhi, manje eseliyinhloko yegumbi. “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”

Funda IZenzo 4