Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga, nxa sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani, makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile. Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi. “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”
Funda IzEnzo 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 4:8-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo