IZenzo 4:7-14

IZenzo 4:7-14 ZUL20

babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Nikwenze lokhu ngaliphi igunya nangaliphi igama na?” UPhethro egcwele uMoya oNgcwele, wathi kubo: “Babusi besizwe nani malunga, uma sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle owenzelwe umuntu ogulayo ukuthi uphiliswe kanjani, makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile. Yena uyitshe elanqatshwa yinina bakhi, manje eseliyinhloko yegumbi. “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu, kodwa akukho ababengakuphika lapho bembona nomuntu ophilisiweyo emi nabo.

Funda IZenzo 4

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 4:7-14