IzEnzo 4:7-14
IzEnzo 4:7-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Nikwenze lokhu ngaliphi igunya nangaliphi igama na?” UPhethro egcwele uMoya oNgcwele, wathi kubo: “Babusi besizwe nani malunga, uma sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle owenzelwe umuntu ogulayo ukuthi uphiliswe kanjani, makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile. Yena uyitshe elanqatshwa yinina bakhi, manje eseliyinhloko yegumbi. “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” Kwathi bebona isibindi sikaPhethro noJohane, futhi bazi ukuthi bangabantu abangafundile nabangaqeqeshiwe, bamangala, bazi nokuthi kade benoJesu, kodwa akukho ababengakuphika lapho bembona nomuntu ophilisiweyo emi nabo.
IzEnzo 4:7-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Lokho nikwenze ngamaphi amandla nangaliphi igama na?” Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga, nxa sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani, makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile. Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi. “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu; kepha bebona umuntu ophilisiweyo emi nabo, babengenakuphika lutho.
IzEnzo 4:7-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Sebebamisile phakathi, babuza bathi: Lokhu likwenze ngamaphi amandla kumbe ngaliphi ibizo? UPetro egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: Lina babusi babantu labadala bakoIsrayeli. Uma thina lamuhla sihlolisiswa ngomsebenzi omuhle owenziwe kumuntu ongelamandla, ukuthi usindiswa ngani; Makwazeke kini nonke nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli, ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo, ngaye lo umi lapha phambi kwenu esindile. Lo uyitshe eladelwa nina bakhi, eseliyinhloko yegumbi. Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo. Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile nabangafundile, bamangala; base bebazi ukuthi babenoJesu. Babona umuntu ophilisiweyo emi nabo, ababanga nakukuphika.
IzEnzo 4:7-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)