IZenzo 3:1-10

IZenzo 3:1-10 ZUL20

UPhethro noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lesishiyagalolunye elingelokukhuleka. Indoda ethile eyisishosha kwasesizalweni sikanina, yayithwelwe yilabo ababeyibeka nsuku zonke ngasemnyango wethempeli obizwa ngokuthi “Omuhle” ukuba inqibe kulabo ababengena ethempelini. Kwathi ukuba ibone uPhethro noJohane bezongena ethempelini, yacela ukuphiwa isipho. Kepha uPhethro noJohane bayigqolozela, wathi kuyo: “Sibheke!” Yayisibabheka, yethembe ukuba yamukele okuthile kubo. Kepha uPhethro wathi: “Isiliva negolide anginalo, kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu uKhristu waseNazaretha, sukuma uhambe.” Wayeseyibamba ngesandla sokunene, wayisukumisa. Masinyane izinyawo zayo namaqakala kwaqina, yagxuma, yema, yahamba, yangena nabo ethempelini, ihamba igxumagxuma, imdumisa uNkulunkulu. Abantu bonke bayibona ihamba, idumisa uNkulunkulu. Kepha bayibona ukuthi iyona le ebihlala ngaseMnyango Omuhle wethempeli, inqiba, bagcwala ukumangala nokwesaba ngokwakwenzeke kuyo.

Funda IZenzo 3

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IZenzo 3:1-10