IzEnzo 3:1-10
IzEnzo 3:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye. Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wethempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini. Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho. Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!” Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo. Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.” Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala, egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu. Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu. Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye.
IzEnzo 3:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha oPetru noJohane benyukela kanyekanye ethempelini ngehora lokukhuleka eliyihora lesishiyagalolunye. Kwakuthwala indoda ethile eyayilunyonga kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasesangweni lethempeli elithiwa Elihle, ukuba icele izipho kwabangena ethempelini; eyathi ibona uPetro loJohane sebezangena ethempelini, yacela isipho. UPetro wasemgqolozela kanye loJohane, wathi: Sikhangele. Wabanaka, ethemba ukuthola utho kubo. UPetro wasesithi: Isiliva legolide kangilalo; kodwa lokho enginakho ngikunika khona: Egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, sukuma uhambe. Wayibamba ngesandla sokunene, wayiphakamisa; Wasegxuma wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba egxuma, edumisa uNkulunkulu. Bonke abantu bayibona ihamba, idumisa uNkulunkulu; Base bemazi ukuthi nguye owayehlalela isipho ngaseSangweni Elihle lethempeli; bagcwala ukumangala nokumangala ngalokho okwakwenzakele kuye.
IzEnzo 3:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UPhethro noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lesishiyagalolunye elingelokukhuleka. Indoda ethile eyisishosha kwasesizalweni sikanina, yayithwelwe yilabo ababeyibeka nsuku zonke ngasemnyango wethempeli obizwa ngokuthi “Omuhle” ukuba inqibe kulabo ababengena ethempelini. Kwathi ukuba ibone uPhethro noJohane bezongena ethempelini, yacela ukuphiwa isipho. Kepha uPhethro noJohane bayigqolozela, wathi kuyo: “Sibheke!” Yayisibabheka, yethembe ukuba yamukele okuthile kubo. Kepha uPhethro wathi: “Isiliva negolide anginalo, kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu uKhristu waseNazaretha, sukuma uhambe.” Wayeseyibamba ngesandla sokunene, wayisukumisa. Masinyane izinyawo zayo namaqakala kwaqina, yagxuma, yema, yahamba, yangena nabo ethempelini, ihamba igxumagxuma, imdumisa uNkulunkulu. Abantu bonke bayibona ihamba, idumisa uNkulunkulu. Kepha bayibona ukuthi iyona le ebihlala ngaseMnyango Omuhle wethempeli, inqiba, bagcwala ukumangala nokwesaba ngokwakwenzeke kuyo.
IzEnzo 3:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)