IZenzo 22:22-29

IZenzo 22:22-29 ZUL20

Bamlalela kwaze kwaba kuleli lizwi, base bekhamuluka bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akafanele ukuba aphile.” Kwathi besakhamuluka, bekhumula izingubo zabo, bethunquza uthuli phezulu, induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe enkanjini, yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasici sini esibenza bamemeze kanje ngaye. Kuthe besambophe ngemichilo, uPawula wathi enduneni yekhulu eyayimi lapho: “Kuvumelekile yini ukuba kushaywe umuntu ongumRoma engakalahlwa yicala na?” Yathi ukuba induna yekhulu ikuzwe lokho, yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Uzokwenzenjani na? Ngokuba lo muntu ungumRoma?” Induna yenkulungwane yaya kuPawula, yathi kuye: “Ngitshele, ngabe wena ungumRoma yini na?” Yena wathi: “Yebo.” Kepha induna yenkulungwane yaphendula, yathi: “Mina ngalithenga lelo lungelo ngemali enkulu.” Kepha uPawula wathi: “Mina-ke ngazalwa nalo.” Bamshiya masinyane labo ababezomhlola, nenduna yenkulungwane yesaba, lapho seyizwe ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile.

Funda IZenzo 22

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo