Kepha bamlalela kwaze kwaba kulelo zwi; base bephakamisa izwi labo, bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akufanele ukuba aphile.” Kwathi besabangalasa, behlubula izingubo, bethuquza uthuli phezulu, induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe ekamu,* yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasiphi isici bememeza kanje ngaye. Kepha besamelula ngemichilo, uPawulu wathi enduneni yekhulu eyayimi khona: “Kuvunyelwe yini ukushaya umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala na?” Induna yekhulu ikuzwile yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Usuzakwenzani na, ngokuba lowo muntu ungumRoma?” Induna yenkulungwane yayisifika, yathi kuye: “Ngitshele, wena ungumRoma na?” Yena wathi: “Yebo.” Kepha induna yenkulungwane yaphendula yathi: “Mina ngalithenga lelo lungelo ngemali enkulu.” Kodwa uPawulu wathi: “Kepha mina ngazalwa nalo.” Ngakho basuka kuye masinyane abase bezakumhlola; kepha induna yenkulungwane yesaba, isiyazi ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile.
Funda IzEnzo 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 22:22-29
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo