IZenzo 2:1-47

IZenzo 2:1-47 ZUL20

Kwathi sekufike usuku lwePhentekhoste, bebuthene bonke ndawonye. Kuthe bengazelele, kwezwakala inhlokomo ivela ezulwini, kungathi eyokuvunguza komoya onamandla, wagcwalisa indlu yonke ababehleli kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo. Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela. Kepha kwakukhona abaJuda ababakhe eJerusalema, amadoda akholwayo, ayevela ezizweni zonke phansi komthunzi welanga. Sekuzwakele lokhu kuduma, kwabuthana uquqaba, ludidekile, ngokuba yilowo nalowo wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Bethuka, bamangala, bathi: “Bonke laba abakhulumayo abasibo yini abaseGalile na? Pho kwenziwa yini ukuba sonke, ngabanye, sibezwe ngolimi esazalwa nalo na? AmaPharthe, amaMede, ama-Elamithi, abantu abakhe eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya, eFrigiya, ePhamfiliya, eGibhithe, eLibhiya ngaseKhurene, izihambi ezivela eRoma, abaJuda namaphroselithe, abaseKhrethe nabase-Arabhiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi, ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” Bonke bamangala, bakhungatheka, bathi omunye komunye: “Kusho ukuthini lokhu na?” Kepha abanye bababhuqa, bethi: “Badakwe yiwayini elimnandi.” Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami. Akunjengoba nicabanga, ukuthi laba badakiwe, ngokuba kuseyihora lesithathu losuku. Kepha lokhu yilokho okwakhulunywa ngomphrofethi uJoweli, ukuthi: “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokugcina, kusho uNkulunkulu, ngiyakuthululela uMoya wami phezu kwenyama yonke; amadodana enu namadodakazi enu ayakuphrofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho; yebo, naphezu kwezinceku nezincekukazi zenu, ngiyothululela uMoya wami ngalezo zinsuku, ziyakuprofetha. Ngiyoveza izimangaliso esibhakabhakeni phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi nomlilo nesikhatha sentuthu. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga iphenduke igazi, ngaphambi kokuba kufike usuku olukhulu nolubalulekileyo lweNkosi. Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi, asindiswe.’ “Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi, Yena lowo esenikelwe ngesu elimisiwe phambilini nangokwazi kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala. Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa. Ngokuba uDavide uthi ngaye: “ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo, ngokuba ingakwesokunene sami, ukuze nginganyakaziswa. Ngalokho, inhliziyo yami iyajabula, nolimi lwami luyethaba; ngisho nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba. Ngokuba awuyukuwushiya umphefumulo wami eHayidese, futhi awuyukuvuma oNgcwele wakho abone ukubola. Wangazisa izindlela zokuphila; uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’ “Madoda, bazalwane, ake ngisho lokhu kini ngesibindi mayelana nokhokho uDavide, ukuthi wafa, wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona nanamuhla. Ngakho-ke lokhu engumphrofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi olibeni lokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi. Ekubonile phambilini, wakhuluma ngokuvuka kukaKhristu ukuthi akashiywanga eHayidesi, nomzimba wakhe awukubonanga ukubola. Lo Jesu, uNkulunkulu wamvusa; thina sonke singofakazi balokho. Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.” Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kodwa yena uthi: “INkosi yathi eNkosini yami: ‘Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.’ ” “Ngakho-ke yonke indlu yakwa-Israyeli mayazi ngokweqiniso ukuthi nguNkulunkulu omenzile iNkosi noKhristu lo Jesu enambethela nina esiphambanweni.” Sebekuzwile lokho, bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPhethro nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, sizokwenzenjani na?” UPhethro wayesethi: “Phendukani, kube yilowo nalowo ababhabhadiswe egameni likaJesu Khristu, kube ngukuthethelelwa kwezono zenu, khona niyakwemukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso singesenu nesabantwana benu, futhi singesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.” Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, ebancenga ethi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esonakeleyo.” Ngakho-ke abalamukelayo izwi lakhe babhabhadiswa, kwanezelelwa ngalolo suku abantu okungathi bayizi-3 000. Bazinikela njalo esifundisweni sabaphostoli, ekuhlanganeni, ekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. Kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa wukwesaba; abaphostoli benza izimangaliso nezibonakaliso eziningi. Bonke abakholwayo babendawonye, behlanganyela ezintweni zonke. Bathengisa ngomhlaba nangempahla, bababela bonke ngangokwezidingo zabo. Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla labo abasindiswayo.

Funda IZenzo 2

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo