IZenzo 17:24-30

IZenzo 17:24-30 ZUL20

“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, Yena uyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla, futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke. Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo, ukuze zimfune uNkulunkulu, mhlawumbe zingase zimphumputhe, zimfumane; ingani akakude kulowo nalowo wethu. ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi sibozalo lwakhe.’ “Ngakho-ke njengalokhu singabozalo lukaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, izinto eziqoshwe ngekhono nangesu lomuntu. Ngalokho uNkulunkulu wazithalalisa izikhathi zokungazi, kodwa manje usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke

Funda IZenzo 17