IzEnzo 17:24-30
IzEnzo 17:24-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena eyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla; Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke; Wazenza izizwe zonke ngegazi linye ukuba zihlale ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezimisiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo; ukuze bayifune iNkosi, mhlawumbe bayiphuthaze, bayithole, nakuba ingekude kulowo nalowo kithi; Ngokuba kuye siphila, siyanyakaza, sikhona; njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo ukuthi: Ngokuba nathi siyinzalo yakhe. Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele sicabange ukuthi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngobuciko nangesu lomuntu. Nezikhathi zokungazi uNkulunkulu wazishaya indiva; kepha manje uyala abantu bonke ezindaweni zonke ukuba baphenduke
IzEnzo 17:24-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

IzEnzo 17:24-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, Yena uyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla, futhi akakhonzwa ngezandla zabantu, kube sengathi udinga utho oluthile. NguYena obapha ukuphila nokuphefumula nakho konke. Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo, ukuze zimfune uNkulunkulu, mhlawumbe zingase zimphumputhe, zimfumane; ingani akakude kulowo nalowo wethu. ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi sibozalo lwakhe.’ “Ngakho-ke njengalokhu singabozalo lukaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, izinto eziqoshwe ngekhono nangesu lomuntu. Ngalokho uNkulunkulu wazithalalisa izikhathi zokungazi, kodwa manje usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke
IzEnzo 17:24-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla; futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke; wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo, ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi. ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’ “Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngekhono nangesu lomuntu. Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke