Kwathi sebedabulile e-Amfipholi nase-Apholoniya, bafika eThesalonikha, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda. UPawula, njengokwejwayelekile, wangena khona kwaze kwaba ngamasabatha amathathu, ephendulana nabo ngokusemibhalweni, ebachazela futhi ekhombisa ukuthi uKhristu kwakumele ukuba ahlupheke, avuke kwabafileyo, nokuthi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKhristu.” Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo. Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu. Kepha kuthe lapho bengabatholi base behudula uJasoni nabazalwane abathile, babayisa kumphathimuzi, bememeza bethi: “Laba abanyakazisa izwe lonke sebefikile nalapha, uJasoni ubemukele, bonke laba abenza okuphambene nezimiso zikaKhesari, bethi kukhona enye inkosi enguJesu.” Kepha basivukuza isixuku nabaphathimuzi abezwa lokho, bathatha isibambiso kuJasoni nakwabanye, base bebakhulula. Ngokushesha ngalobo busuku, abazalwane babaphelezela oPawula noSila ukuba baye eBhiriya. Kuthe sebefikile khona, bangena esinagogeni labaJuda.
Funda IZenzo 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IZenzo 17:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo