IzEnzo 17:1-10
IzEnzo 17:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Sebedabule i-Amfipholi ne-Apholoniya, bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda. UPawuli njengomkhuba wakhe wangena kubo, lamasabatha amathathu wabonisana labo ngemibhalo. evula efakaza ukuthi uKristu kwakumele ahlupheke, abuye avuke kwabafileyo; nokuthi uJesu lo, engimshumayeza nina, unguKristu. Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana. Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle. abantu. Kuthe bengabatholi, badonsela uJasoni labazalwane abathile kubaphathi bomuzi, bememeza besithi: Laba abaphambukise umhlaba wonke sebefikile lalapha; abamamukele uJasoni; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, uJesu. Bazihlupha izixuku nababusi bedolobha bezwa lokho. Sebethathele uJasoni labanye isibambiso, babakhulula. Khona masinyane abazalwane babamukisa uPawulu noSila ebusuku ukuba baye eBereya; bathi sebefikile, baya esinagogeni labaJuda.
IzEnzo 17:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sebedabulile e-Amfipholi nase-Apholoniya, bafika eThesalonikha, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda. UPawula, njengokwejwayelekile, wangena khona kwaze kwaba ngamasabatha amathathu, ephendulana nabo ngokusemibhalweni, ebachazela futhi ekhombisa ukuthi uKhristu kwakumele ukuba ahlupheke, avuke kwabafileyo, nokuthi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKhristu.” Abanye kubo bakuvuma lokho, bazihlanganisa noPawula noSila, nesixuku esikhulu samaGriki akholwayo, nabesifazane abaningi abadumileyo. Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu. Kepha kuthe lapho bengabatholi base behudula uJasoni nabazalwane abathile, babayisa kumphathimuzi, bememeza bethi: “Laba abanyakazisa izwe lonke sebefikile nalapha, uJasoni ubemukele, bonke laba abenza okuphambene nezimiso zikaKhesari, bethi kukhona enye inkosi enguJesu.” Kepha basivukuza isixuku nabaphathimuzi abezwa lokho, bathatha isibambiso kuJasoni nakwabanye, base bebakhulula. Ngokushesha ngalobo busuku, abazalwane babaphelezela oPawula noSila ukuba baye eBhiriya. Kuthe sebefikile khona, bangena esinagogeni labaJuda.
IzEnzo 17:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi sebedabulile i-Amfipholi ne-Apholoniya, bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge* labaJuda. Kepha uPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni, ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke, avuke kwabafileyo, ethi futhi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.” Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana. Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu; kepha bengabafumani bamhudulela uJasoni kanye nabazalwane abathile kubaphathimuzi, bamemeza bathi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha, uJasoni ubamukele; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, nguJesu.” Kepha bethusa isixuku nabaphathimuzi abezwa lokho, bathatha isibambiso kuJasoni nakwabanye, babakhulula. Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.
IzEnzo 17:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Sebedabule i-Amfipholi ne-Apholoniya, bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda. UPawuli njengomkhuba wakhe wangena kubo, lamasabatha amathathu wabonisana labo ngemibhalo. Evula efakaza ukuthi uKristu kwakumele ahlupheke, abuye avuke kwabafileyo; nokuthi uJesu lo, engimshumayeza nina, unguKristu. Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana. Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle abantu. Kuthe bengabatholi, badonsela uJasoni labazalwane abathile kubaphathi bomuzi, bememeza besithi: Laba abaphambukise umhlaba wonke sebefikile lalapha; abamamukele uJasoni; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, uJesu. Bazihlupha izixuku nababusi bedolobha bezwa lokho. Sebethathele uJasoni labanye isibambiso, babakhulula. Khona masinyane abazalwane babamukisa uPawulu noSila ebusuku ukuba baye eBereya; bathi sebefikile, baya esinagogeni labaJuda.