IZenzo 14:1-28

IZenzo 14:1-28 ZUL20

Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki. Kepha abaJuda abangakholwanga, bavukuza bazithukuthelisa bazenza zaba zimbi izinhliziyo zabezizwe ngabazalwane. Nokho-ke, bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ngokubanika ukuba benze izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. Kepha uquqaba lomuzi lwalwehlukene phakathi, abanye babemi nabaJuda, abanye nabaphostoli. Kwase kuba khona imizamo ngabaJuda kanye nababusi yokuba babaphathe kabi nokubakhanda ngamatshe. Sebekwazi lokho, babalekela emizini eLikhawoniya, iListra, eDerbe nasezweni langakhona. Bashumayela ivangeli lapho. EListra kwakuhleli indoda eyayikhubazeke ngezinyawo; iyisishosha kwasesizalweni sikanina; ingakaze ihambe nakanye. Yezwa uPawula ekhuluma, owayigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuthi ingabuye iphile, wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho, uqonde.” Yagxuma, yahamba. Kwathi lapho izixuku zibone lokho akwenzile uPawula, zaphakamisa izwi lazo zathi ngesiLikhawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu, behlele kithi.” UBharnabha bambiza ngokuthi nguZeyusi, uPawula bambiza ngoHermesi, ngokuba nguye yedwa owayehola ekukhulumeni. Kwasuka umphristi kaZeyusi, othempeli lakhe lalingaphandle komuzi, waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasesangweni lomuzi, ekanye nezixuku, efuna ukubahlabela. Kepha bathi ukuba abaphostoli, uBharnabha noPawula, bezwe ngalokhu, baklebhula izingubo zabo, baphuthuma esixukwini, bamemeza, bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho, othe ezizukulwaneni ezidlulileyo, waziyeka izizwe zonke ukuba zihambe ngezindlela zazo. Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.” Nangakho lokhu abakushoyo, kwaba nzima ukuyekisa izixuku ukuba zingabahlabeli. Kepha kwafika abaJuda ababevela e-Antiyokhiya nase-Ikhoniyu, sebezizuzile izixuku zaba ngakubo, bamkhanda uPawula ngamatshe, base bemhudulela ngaphandle komuzi, becabanga ukuthi ufile. Abafundi sebemngungile, wavuka wangena emzini. Ngakusasa wahamba noBharnabha, baya eDerbe. Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya, beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” Sebebakhethele amalunga amabandla ezindaweni ababekuzo, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini abasebekholwa yiyo. Basuka lapho badabula ePhisidiya, baya ePhamfiliya. Kwathi sebelikhulumile izwi ePherge, behlela e-Athaliya. Basuka lapho bantweza ngomkhumbi, baya e-Antiyokhiya, lapho banikelwa khona emseni kaNkulunkulu ngomsebenzi abase bewufezile. Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa. Base behlala nabafundi isikhathi esijana.

Funda IZenzo 14