IzEnzo 14:1-28

IzEnzo 14:1-28 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. Kodwa abaJuda abangakholwayo babhebhethekisa abezizwe, benza izinhliziyo zabo zibe zimbi ngabazalwane. Ngakho bahlala isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, yabanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli. Kwathi sekuvele ukuhlasela kwabezizwe, namaJuda kanye nababusi babo, ukubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe; Sebekunanzelele lokho, babalekela eListra leDerbe, imizi yeLikawoniya, lezabelo ezizingelezeleyo. Basebetshumayela khona ivangeli. Kwakuhlezi indoda ethile eListra, ibuthakathaka ezinyaweni zayo, iyisigoga kwasesizalweni sikanina, engazange ihambe. Yona yamuzwa uPawuli ekhuluma, owayigqolozela, ebona ukuthi ulokholo lokusiliswa. Wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, uqonde ngezinyawo zakho. wagxuma, wahamba. Kwathi amaxuku ebona akwenzileyo uPawuli, aphakamisa ilizwi lawo, esithi ngesiLikawoniya: Onkulunkulu befana labantu behlele kithi. Basebembiza uBarnabasi ngokuthi nguJupitheri; loPawuli, uMerkuriyu, ngoba wayengumkhulumeli. Khona umpristi kaJupitheri owayephambi komuzi wakubo waletha izinkabi nemigexo yezimbali emasangweni, wafuna ukwenza imihlatshelo kanye nezixuku. Kwathi abaphostoli oBarnabasi loPawuli bekuzwa, baklebhula izembatho zabo, bagijimela phakathi kwexuku, bememeza; Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho. owathi endulo wavumela izizwe zonke ukuthi zihambe ngezindlela zazo. Nokho akazishiyanga engenabufakazi, ngokwenza okuhle, esinika imvula evela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangentokozo. Kwaba kalukhuni ukusho lawo mazwi banqanda izixuku ukuba zingabahlabeli. Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile. Kepha kwathi abafundi bemhanqile, wavuka, waya emzini; ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe. Kwathi sebeshumayele ivangeli kulowo muzi, sebefundise abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya; beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu. Sebebamisele abadala ebandleni ngebandla, bakhuleka nokuzila ukudla, babanikela eNkosini abakholwa yiyo. Sebedabule iPhisidiya bafika ePhamfiliya. Sebeshumayele izwi ePherge, behlela e-Ataliya; Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile. Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa. Bahlala khona isikhathi eside nabafundi.

Dlulisela
Funda IzEnzo 14

IzEnzo 14:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi sebese-Ikhoniya bangena esinagogeni sabaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGriki. Kepha abaJuda abangakholwanga, bavukuza bazithukuthelisa bazenza zaba zimbi izinhliziyo zabezizwe ngabazalwane. Nokho-ke, bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ngokubanika ukuba benze izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. Kepha uquqaba lomuzi lwalwehlukene phakathi, abanye babemi nabaJuda, abanye nabaphostoli. Kwase kuba khona imizamo ngabaJuda kanye nababusi yokuba babaphathe kabi nokubakhanda ngamatshe. Sebekwazi lokho, babalekela emizini eLikhawoniya, iListra, eDerbe nasezweni langakhona. Bashumayela ivangeli lapho. EListra kwakuhleli indoda eyayikhubazeke ngezinyawo; iyisishosha kwasesizalweni sikanina; ingakaze ihambe nakanye. Yezwa uPawula ekhuluma, owayigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuthi ingabuye iphile, wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho, uqonde.” Yagxuma, yahamba. Kwathi lapho izixuku zibone lokho akwenzile uPawula, zaphakamisa izwi lazo zathi ngesiLikhawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu, behlele kithi.” UBharnabha bambiza ngokuthi nguZeyusi, uPawula bambiza ngoHermesi, ngokuba nguye yedwa owayehola ekukhulumeni. Kwasuka umphristi kaZeyusi, othempeli lakhe lalingaphandle komuzi, waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasesangweni lomuzi, ekanye nezixuku, efuna ukubahlabela. Kepha bathi ukuba abaphostoli, uBharnabha noPawula, bezwe ngalokhu, baklebhula izingubo zabo, baphuthuma esixukwini, bamemeza, bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho, othe ezizukulwaneni ezidlulileyo, waziyeka izizwe zonke ukuba zihambe ngezindlela zazo. Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.” Nangakho lokhu abakushoyo, kwaba nzima ukuyekisa izixuku ukuba zingabahlabeli. Kepha kwafika abaJuda ababevela e-Antiyokhiya nase-Ikhoniyu, sebezizuzile izixuku zaba ngakubo, bamkhanda uPawula ngamatshe, base bemhudulela ngaphandle komuzi, becabanga ukuthi ufile. Abafundi sebemngungile, wavuka wangena emzini. Ngakusasa wahamba noBharnabha, baya eDerbe. Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bazuza abafundi abaningi, base bebuyela eListra, nase-Ikhoniyu nase-Antiyokhiya, beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” Sebebakhethele amalunga amabandla ezindaweni ababekuzo, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini abasebekholwa yiyo. Basuka lapho badabula ePhisidiya, baya ePhamfiliya. Kwathi sebelikhulumile izwi ePherge, behlela e-Athaliya. Basuka lapho bantweza ngomkhumbi, baya e-Antiyokhiya, lapho banikelwa khona emseni kaNkulunkulu ngomsebenzi abase bewufezile. Ekufikeni kwabo, baliqoqa ibandla, balilandisa ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo, nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa. Base behlala nabafundi isikhathi esijana.

Dlulisela
Funda IzEnzo 14

IzEnzo 14:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane. Nokho bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli. Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe, bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona, bashumayela khona ivangeli. EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe. Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe, wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba. Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.” UBarnaba bambiza ngokuthi uJupitheri, uPawulu ngokuthi uMerkuriyu, ngokuba kwakunguye owayehola ekukhulumeni. Kepha umpristi kaJupitheri othempeli lakhe liphambi komuzi waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasemasangweni, wafuna ukubahlabela ekanye nezixuku. Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu, baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo. Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.” Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli. Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile. Kepha kwathi abafundi bembunganyele, wavuka, wangena emzini. Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe. Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bezuzile abafundi abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya, baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo. Base bedabula iPhisidiya, baya ePhamfiliya. Sebekhulumile izwi ePherge, behlela e-Ataliya. Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile. Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa. Base behlala nabafundi isikhathi esingesincane.

Dlulisela
Funda IzEnzo 14

IzEnzo 14:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. Kodwa abaJuda abangakholwayo babhebhethekisa abezizwe, benza izinhliziyo zabo zibe zimbi ngabazalwane. Ngakho bahlala isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, yabanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli. Kwathi sekuvele ukuhlasela kwabezizwe, namaJuda kanye nababusi babo, ukubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe; Sebekunanzelele lokho, babalekela eListra leDerbe, imizi yeLikawoniya, lezabelo ezizingelezeleyo. Basebetshumayela khona ivangeli. Kwakuhlezi indoda ethile eListra, ibuthakathaka ezinyaweni zayo, iyisigoga kwasesizalweni sikanina, engazange ihambe. Yona yamuzwa uPawuli ekhuluma, owayigqolozela, ebona ukuthi ulokholo lokusiliswa. Wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, uqonde ngezinyawo zakho wagxuma, wahamba. Kwathi amaxuku ebona akwenzileyo uPawuli, aphakamisa ilizwi lawo, esithi ngesiLikawoniya: Onkulunkulu befana labantu behlele kithi. Basebembiza uBarnabasi ngokuthi nguJupitheri; loPawuli, uMerkuriyu, ngoba wayengumkhulumeli. Khona umpristi kaJupitheri owayephambi komuzi wakubo waletha izinkabi nemigexo yezimbali emasangweni, wafuna ukwenza imihlatshelo kanye nezixuku. Kwathi abaphostoli oBarnabasi loPawuli bekuzwa, baklebhula izembatho zabo, bagijimela phakathi kwexuku, bememeza; Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho. Owathi endulo wavumela izizwe zonke ukuthi zihambe ngezindlela zazo. Nokho akazishiyanga engenabufakazi, ngokwenza okuhle, esinika imvula evela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangentokozo. Kwaba kalukhuni ukusho lawo mazwi banqanda izixuku ukuba zingabahlabeli. Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile. Kepha kwathi abafundi bemhanqile, wavuka, waya emzini; ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe. Kwathi sebeshumayele ivangeli kulowo muzi, sebefundise abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya; beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu. Sebebamisele abadala ebandleni ngebandla, bakhuleka nokuzila ukudla, babanikela eNkosini abakholwa yiyo. Sebedabule iPhisidiya bafika ePhamfiliya. Sebeshumayele izwi ePherge, behlela e-Ataliya; Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile. Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa. Bahlala khona isikhathi eside nabafundi.

Dlulisela
Funda IzEnzo 14