2 KuThimothewu 1:6-18

2 KuThimothewu 1:6-18 ZUL20

Ngakho-ke ngiyakukhumbuza ukuba usivuselele njalo isipho somusa sikaNkulunkulu esikuwe owasithola ngokubekwa yimi izandla. Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba. Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu. Lowo owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele; hhayi ngokwemisebenzi yethu, kodwa ngokwenhloso yakhe, nomusa esawuphiwa kuKhristu uJesu zingakabi bikho izikhathi; kepha manje osubonakalisiwe ngokufika koMsindisi wethu uKhristu uJesu, owachitha ukufa, waletha ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli. Ngamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, umphostoli, nomfundisi, okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku. Landela isibonelo samazwi amahle owawezwa kimi ngokukholwa, nothando olukuKhristu uJesu. Kulonde lokhu okuhle okubekwe kuwe ngoMoya oNgcwele ohlala kithi. Uyazi ukuthi bonke abase-Asiya bangihlamukile, kubo kukhona uFilegu noHermogene. Sengathi iNkosi ingabenzela umusa abendlu ka-Onesiforu, ngokuba ubengihlumelela njalo futhi engenamahloni ngokuboshwa kwami. Kwathi nalapho esefike eRoma, wangifunisisa waze wangithola. Sengathi iNkosi ingamenza athole ububele ngalolo lusuku. Wena ukwazi kahle konke angenzela khona e-Efesu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 KuThimothewu 1:6-18