2 kuThimothewu 1:6-18

2 kuThimothewu 1:6-18 ZUL59

Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami. Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza. Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi, kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa, walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli, engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi; ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku. Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi. Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene. INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami, kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana – iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku – konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 kuThimothewu 1:6-18

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo