2 KwabaseThesalonikha 3:1-3

2 KwabaseThesalonikha 3:1-3 ZUL20

Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi lisabalale ngokushesha, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini. Sikhulekeleni nokuba sikhululwe kubantu abonakeleyo nababi, ngokuba akusibo bonke abakholwayo. Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi.