2 KwabaseThesalonikha 3:1-10

2 KwabaseThesalonikha 3:1-10 ZUL20

Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi lisabalale ngokushesha, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini. Sikhulekeleni nokuba sikhululwe kubantu abonakeleyo nababi, ngokuba akusibo bonke abakholwayo. Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi. Sinesibindi eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakukwenza, nokuthi nizakuqhubeka nikwenze. Sengathi iNkosi ingaziqondisa izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKhristu. Kepha bazalwane, siyaniyala egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ukuba nibagweme abazalwane abangamavila, abangawulandeli umyalo enawemukela kithi. Ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuba nisilingise, ngokuba asizange sibe ngabavilaphayo lapho sinani. Asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sazikhandla, sisebenza kanzima ubusuku nemini, ukuba singabi mthwalo kumuntu, hhayi ngoba sasingenalo ilungelo lalokho, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini sokuba nani nisilingise. Ngokuba nangesikhathi sisenani, saniyala ngalokhu, sathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”