2 kwabaseThesalonika 3:1-10
2 kwabaseThesalonika 3:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini, nokuba sikhululwe kubantu abadukileyo nababi; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke. Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi. Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza. Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu. Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele, bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina. Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu, asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini, kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise. Ngokuba nalapho sisekini, saniyala ngalokhu ukuthi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”
2 kwabaseThesalonika 3:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni, ukuze izwi leNkosi lihambe ngokukhululekile, futhi likhazinyuliswe, njengoba kunjalo nakini. nokuba sikhululwe kubantu abangenangqondo nababi, ngokuba ukukholwa akusibo bonke. Kodwa iNkosi ithembekile, ezaliqinisa, ililondoloze kokubi. Kepha siyethemba eNkosini ngani, ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza, niyakukwenza. INkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kuKristu. Kepha siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba nihlukane nabo bonke umzalwane ohamba ngokungafanele, kungengokwesiko elawamukela kithi. Ngokuba niyazi ngokwenu ukuthi kufanele nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu; Asidlanga sinkwa samuntu mahhala; kodwa sisebenza ngokukhandleka nangomshikashiko ubusuku nemini, ukuze singabi mthwalo kunoma yimuphi kini. kungeyisikho ukuthi silamandla, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini, ukuze lisilandele. Ngokuba nalapho sikini, saniyala ngalokhu ukuthi: Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.
2 kwabaseThesalonika 3:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi lisabalale ngokushesha, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini. Sikhulekeleni nokuba sikhululwe kubantu abonakeleyo nababi, ngokuba akusibo bonke abakholwayo. Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi. Sinesibindi eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakukwenza, nokuthi nizakuqhubeka nikwenze. Sengathi iNkosi ingaziqondisa izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKhristu. Kepha bazalwane, siyaniyala egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ukuba nibagweme abazalwane abangamavila, abangawulandeli umyalo enawemukela kithi. Ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuba nisilingise, ngokuba asizange sibe ngabavilaphayo lapho sinani. Asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sazikhandla, sisebenza kanzima ubusuku nemini, ukuba singabi mthwalo kumuntu, hhayi ngoba sasingenalo ilungelo lalokho, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini sokuba nani nisilingise. Ngokuba nangesikhathi sisenani, saniyala ngalokhu, sathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”
2 kwabaseThesalonika 3:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini, nokuba sikhululwe kubantu abadukileyo nababi; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke. Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi. Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza. Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu. Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele, bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina. Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu, asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini, kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise. Ngokuba nalapho sisekini, saniyala ngalokhu ukuthi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”
2 kwabaseThesalonika 3:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni, ukuze izwi leNkosi lihambe ngokukhululekile, futhi likhazinyuliswe, njengoba kunjalo nakini. Nokuba sikhululwe kubantu abangenangqondo nababi, ngokuba ukukholwa akusibo bonke. Kodwa iNkosi ithembekile, ezaliqinisa, ililondoloze kokubi. Kepha siyethemba eNkosini ngani, ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza, niyakukwenza. INkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kuKristu. Kepha siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba nihlukane nabo bonke umzalwane ohamba ngokungafanele, kungengokwesiko elawamukela kithi. Ngokuba niyazi ngokwenu ukuthi kufanele nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu; Asidlanga sinkwa samuntu mahhala; kodwa sisebenza ngokukhandleka nangomshikashiko ubusuku nemini, ukuze singabi mthwalo kunoma yimuphi kini. Kungeyisikho ukuthi silamandla, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini, ukuze lisilandele. Ngokuba nalapho sikini, saniyala ngalokhu ukuthi: Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.