Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke. UDavide ngesikhathi eseHebhroni, omkakhe bamzalela amadodana; izibulo lakhe kwakungu-Amnoni, ezalwa ngu-Ahinohama waseJizreyeli. Eyesebili kwaba nguKhileyabhi ku-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli. Eyesithathu kwaba ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri. Eyesine kwaba ngu-Adoniya, indodana kaHagithi; eyesihlanu kwaba nguShefathiya, indodana ka-Abhithali. Eyesithupha kwaba ngu-Ireyamu, ezalwa ngu-Egila, umkaDavide. Wonke lawo madodana kaDavide azalelwa eHebhroni. Ngesikhathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri wayekhulisa amandla akhe endlini kaSawule. USawule wayenesancinza, igama laso kunguRizpha, indodakazi ka-Ayiya. U-Ishi Bhoshethi wathi ku-Abhineri: “Usingeneleni isancinza sikababa na?”
Funda 2 USamuweli 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 USamuweli 3:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo