Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo. Kwazalelwa uDavide amadodana eHebroni; izibulo lakhe laba ngu-Amnoni ku-Ahinohama waseJizreyeli; eyesibili yaba nguKileyabi ku-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri; eyesine yayingu-Adoniya indodana kaHagiti; eyesihlanu yayinguShefathiya indodana ka-Abithali; eyesithupha yayingu-Itereyamu ku-Egila umkaDavide. Lawo azalelwa uDavide eHebroni. Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla. Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka-Aya. U-Ishi Bosheti wayesethi ku-Abineri: “Ungeneleni kuso isancinza sikababa na?”
Funda 2 uSamuweli 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 uSamuweli 3:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo