2 USamuweli 3:1-16

2 USamuweli 3:1-16 ZUL20

Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke. UDavide ngesikhathi eseHebhroni, omkakhe bamzalela amadodana; izibulo lakhe kwakungu-Amnoni, ezalwa ngu-Ahinohama waseJizreyeli. Eyesebili kwaba nguKhileyabhi ku-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli. Eyesithathu kwaba ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri. Eyesine kwaba ngu-Adoniya, indodana kaHagithi; eyesihlanu kwaba nguShefathiya, indodana ka-Abhithali. Eyesithupha kwaba ngu-Ireyamu, ezalwa ngu-Egila, umkaDavide. Wonke lawo madodana kaDavide azalelwa eHebhroni. Ngesikhathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri wayekhulisa amandla akhe endlini kaSawule. USawule wayenesancinza, igama laso kunguRizpha, indodakazi ka-Ayiya. U-Ishi Bhoshethi wathi ku-Abhineri: “Usingeneleni isancinza sikababa na?” Lawo mazwi ka-Ishi Bhoshethi amthukuthelisa kakhulu u-Abhineri, wayesethi: “Kanti mina ngiyikhanda lenja kuJuda yini na? Kuze kube namuhla, ngisalokhu ngikhombisa ukwethembeka kwabendlu kayihlo uSawule, kubafowabo nakubangani bakhe, angikaze ngikunikele esandleni sikaDavide. Manje usungibeka icala ngalo wesifazane! UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye, ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.” U-Ishi Bhoshethi akazange amphendule futhi u-Abhineri nangelilodwa izwi, ngoba wayemesaba. U-Abhineri wathumela izithunywa esikhundleni sakhe kuDavide, zayothi kuye: “Ngelikabani leli lizwe na? Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukuba ngimlethe kuwe wonke u-Israyeli.” Wathi: “Kulungile, ngizokwenza isivumelwano nawe, kodwa kunento eyodwa nje engiyifuna kuwe: ukuba ungalokothi uvele phambi kwami uma ungalethi uMikhali, indodakazi kaSawule, ngesikhathi uzongibona.” UDavide wathumela izithunywa ku-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali, engamkhokhela ngamajwabu amaFilisti ayikhulu.” U-Ishi Bhoshethi wathumela ukuba ayolandwa kumyeni wakhe uPhalithiyeli, indodana kaLayishi. Umyeni wakhe wahamba naye, ekhala emlandela, waze wayofika eBhahurimi. U-Abhineri wayesethi kuye: “Hamba, phindela ekhaya!” Wenza kanjalo, wabuyela emuva.