2 uSamuweli 3:1-16

2 uSamuweli 3:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke. UDavide ngesikhathi eseHebhroni, omkakhe bamzalela amadodana; izibulo lakhe kwakungu-Amnoni, ezalwa ngu-Ahinohama waseJizreyeli. Eyesebili kwaba nguKhileyabhi ku-Abhigayili, umkaNabali waseKharimeli. Eyesithathu kwaba ngu-Absalomu, indodana kaMahakha, indodakazi kaThalimayi, inkosi yaseGeshuri. Eyesine kwaba ngu-Adoniya, indodana kaHagithi; eyesihlanu kwaba nguShefathiya, indodana ka-Abhithali. Eyesithupha kwaba ngu-Ireyamu, ezalwa ngu-Egila, umkaDavide. Wonke lawo madodana kaDavide azalelwa eHebhroni. Ngesikhathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri wayekhulisa amandla akhe endlini kaSawule. USawule wayenesancinza, igama laso kunguRizpha, indodakazi ka-Ayiya. U-Ishi Bhoshethi wathi ku-Abhineri: “Usingeneleni isancinza sikababa na?” Lawo mazwi ka-Ishi Bhoshethi amthukuthelisa kakhulu u-Abhineri, wayesethi: “Kanti mina ngiyikhanda lenja kuJuda yini na? Kuze kube namuhla, ngisalokhu ngikhombisa ukwethembeka kwabendlu kayihlo uSawule, kubafowabo nakubangani bakhe, angikaze ngikunikele esandleni sikaDavide. Manje usungibeka icala ngalo wesifazane! UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye, ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.” U-Ishi Bhoshethi akazange amphendule futhi u-Abhineri nangelilodwa izwi, ngoba wayemesaba. U-Abhineri wathumela izithunywa esikhundleni sakhe kuDavide, zayothi kuye: “Ngelikabani leli lizwe na? Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukuba ngimlethe kuwe wonke u-Israyeli.” Wathi: “Kulungile, ngizokwenza isivumelwano nawe, kodwa kunento eyodwa nje engiyifuna kuwe: ukuba ungalokothi uvele phambi kwami uma ungalethi uMikhali, indodakazi kaSawule, ngesikhathi uzongibona.” UDavide wathumela izithunywa ku-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wathi: “Nginike umkami uMikhali, engamkhokhela ngamajwabu amaFilisti ayikhulu.” U-Ishi Bhoshethi wathumela ukuba ayolandwa kumyeni wakhe uPhalithiyeli, indodana kaLayishi. Umyeni wakhe wahamba naye, ekhala emlandela, waze wayofika eBhahurimi. U-Abhineri wayesethi kuye: “Hamba, phindela ekhaya!” Wenza kanjalo, wabuyela emuva.

2 uSamuweli 3:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo. Kwazalelwa uDavide amadodana eHebroni; izibulo lakhe laba ngu-Amnoni ku-Ahinohama waseJizreyeli; eyesibili yaba nguKileyabi ku-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri; eyesine yayingu-Adoniya indodana kaHagiti; eyesihlanu yayinguShefathiya indodana ka-Abithali; eyesithupha yayingu-Itereyamu ku-Egila umkaDavide. Lawo azalelwa uDavide eHebroni. Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla. Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka-Aya. U-Ishi Bosheti wayesethi ku-Abineri: “Ungeneleni kuso isancinza sikababa na?” U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa, abafowabo nabangane bayo, angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane. UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye, kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.” Wayengenakumphendula u-Abineri ngezwi futhi, ngokuba wayemesaba. U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: “Ngelikabani izwe na?” ethi futhi: “Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.” Wathi: “Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe, kepha yinto inye engiyifuna kuwe, ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami, uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.” UDavide wayesethuma izithunywa ku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, ethi: “Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.” Wayesethumela u-Ishi Bosheti, wamthatha endodeni yakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi. Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: “Buya.” Yabuya-ke.

2 uSamuweli 3:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, kepha uDavide waqhubeka eba namandla ngokuba namandla, nendlu kaSawule yaya ngokuya iba buthaka. UDavide wazalelwa amadodana eHebroni, izibulo lakhe lalingu-Amnoni ku-Ahinohama waseJizreyeli; eyesibili yayinguKileyabi ka-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMagaga indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; Eyesine yayingu-Adoniya indodana kaHagiti; eyesihlanu yayinguShefathiya indodana ka-Abitali; eyesithupha yayinguJitreyamu ku-Egila umkaDavide. Bazalelwa uDavide eHebroni. Kwathi kukhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri waziqinisa endlini kaSawule. USawule wayenesancinza igama lakhe linguRispa indodakazi ka-Aya; u-Ishi Bosheti wathi ku-Abineri: “Ungeneleni nesancinza sikababa na? U-Abineri wathukuthela kakhulu ngamazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja yini elinomusa kuJuda namuhla endlini kaSawule uyihlo, nakubafowabo, nakubangane bakhe, kangikophulanga na? esandleni sikaDavide ukuthi ungimangalele namuhla ngesikweleti ngalo wesifazane na? UNkulunkulu wenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, ngaphandle kokuthi uJehova afunga kuDavide ngesifungo, ngiyakwenza kanjalo kuye; ukuguqula umbuso wendlu kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba. Wayengenakumphendula u-Abineri nelinye izwi, ngokuba wayemesaba. UAbhineri wasethuma izithunywa kuDavida esikhundleni sakhe ukuthi: Ngelikabani ilizwe? futhi uthi: Yenza isivumelwano sakho nami; futhi bheka, isandla sami siyakuba nawe ukuletha wonke u-Israyeli kuwe. Wathi: “Kuhle; Ngizokwenza isivumelwano nawe, kodwa yinye into engiyibiza kuwe, okungukuthi: Ngeke ububone ubuso bami, uma uletha kuqala uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzobona ubuso bami. UDavida wasethuma izithunywa kuIshiboshethi indodana kaSawuli ukuthi: Khulula umkami uMikhali engamgana ngamajwabu ayikhulu amaFilisti. U-Ishi Bosheti wayesethumela wamthatha kumyeni wakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi. Indoda yakhe yahamba naye ikhala emva kwakhe kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuye: “Hamba, ubuye.” Wabuya.