2 USamuweli 21:15-22

2 USamuweli 21:15-22 ZUL20

Kwabuye kwaba khona ukulwa phakathi kwamaFilisti no-Israyeli. UDavide nezinceku zakhe behla, balwa namaFilisti. UDavide waphelelwa ngamandla. U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide. Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.” Emveni kokuba sekwenzekile lokho, kwaba khona ukulwa namaFilisti eGobhi. Lapho uSibhekhayi, umHushathi, wabulala uSafi, omunye wamadodana amaRefa. Kwaphinde kwaqubuka enye futhi impi namaFilisti eGobhi. U-Elihanani, indodana kaJahari Oregimi waseBhethlehema, wabulala uGoliyathi, umGithi, othi lomkhonto wakhe lwalungangogongolo lomaluki. Kwabuye futhi kwaba khona impi eGathi, kwakukhona lapho umuntu owayengumdondoshiya, owayeneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, enezinzwani eziyisithupha onyaweni ngalunye, kungama-24 kukonke; naye wayezalwa yiRefa. Wameyisa u-Israyeli, ngakho-ke uJonathani, indodana kaShimeyi, umfowabo kaDavide, wambulala. Bobane labo babezalwa ngamaRefa eGathi, kodwa bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.