2 uSamuweli 21:15-22
2 uSamuweli 21:15-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngaphezu kwalokho, amaFilisti aphinda futhi alwa no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zilwa naye namaFilisti; uDavide wadinwa. U-Ishibhibenobi owayengowamadodana amaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wacabanga ukuthi ubulele uDavide. Kodwa u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Khona-ke abantu bakaDavide bafunga kuye, bathi: “Awusayikuphinda uphume nathi empini, funa ucime ukukhanya kuka-Israyeli. Emva kwalokho kwaba nenye impi namaFilisti eGobi; Kwaba khona enye impi namaFilisti eGobi, lapho u-Elihanani indodana kaJahare-oregimi waseBetlehema, umfowabo kaGoliyati, umGiti, omkhonto wakhe wawunjengogongolo lomaluki, wahlula khona. Kwabuye kwaba khona futhi impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude kakhulu, eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye nezinzwani eziyisithupha onyaweni ngalunye, ingamashumi amabili nane ngenani; futhi naye wazalelwa umdondoshiya. Lapho ephikisana no-Israyeli, uJonathani indodana kaShimeya umfowabo kaDavide wambulala. Labo bane bazalelwa umdondoshiya eGati, bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.
2 uSamuweli 21:15-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwabuye kwaba khona ukulwa phakathi kwamaFilisti no-Israyeli. UDavide nezinceku zakhe behla, balwa namaFilisti. UDavide waphelelwa ngamandla. U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide. Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.” Emveni kokuba sekwenzekile lokho, kwaba khona ukulwa namaFilisti eGobhi. Lapho uSibhekhayi, umHushathi, wabulala uSafi, omunye wamadodana amaRefa. Kwaphinde kwaqubuka enye futhi impi namaFilisti eGobhi. U-Elihanani, indodana kaJahari Oregimi waseBhethlehema, wabulala uGoliyathi, umGithi, othi lomkhonto wakhe lwalungangogongolo lomaluki. Kwabuye futhi kwaba khona impi eGathi, kwakukhona lapho umuntu owayengumdondoshiya, owayeneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, enezinzwani eziyisithupha onyaweni ngalunye, kungama-24 kukonke; naye wayezalwa yiRefa. Wameyisa u-Israyeli, ngakho-ke uJonathani, indodana kaShimeyi, umfowabo kaDavide, wambulala. Bobane labo babezalwa ngamaRefa eGathi, kodwa bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.
2 uSamuweli 21:15-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
AmaFilisti abuye aphaka impi no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla. U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide. Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.” Kwathi emva kwalokho kwabuye kwavuka impi namaFilisti eGobi; khona uSibekayi umHushati wabulala uSafi owayengowamadodana amaRefa. Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti eGobi; u-Elihanani indodana kaJahari Oregimi waseBetlehema wabulala uGoliyati umGiti oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki. Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude owayeneminwe eyisithupha esandleni nezinzwani eziyisthupha onyaweni, kungamashumi amabili nane kukonke; naye wazalwa yiRefa. Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeyi umfowabo kaDavide wambulala. Labo bobane bazalwa ngamaRefa eGati; bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.