2 USamuweli 17

17
U-Ahithofeli Weluleka U-Absalomu Okwesibili
1U-Ahithofeli wathi ku-Absalomu: “Ake ngiqoke amadoda ayizi-12 000, ngizosuka ngimlandele uDavide ngabo bona lobu busuku. 2 Ngizomfica ekhathele, nezandla zakhe zingenamandla, ngizomthelekela, abantu bonke abanaye babaleke, bese ngibulala inkosi, yona nje kuphela. 3Ngiyakubabuyisa kuwe bonke abantu. Uma ubulala oyedwa nje lo omfunayo, bonke abantu bayakuba nokuthula.”
4Leli lizwi lamjabulisa u-Absalomu nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.
5 Wayesethi u-Absalomu: “Mawumbize noHushayi, umArikhi, sizwe ukuthi yena uthini.”
6UHushayi wafika ku-Absalomu, u-Absalomu wathi kuye: “U-Ahithofeli ukhulume lokhu, senze njengokusho kwakhe na? Uma kungenjalo, sitshele-ke ukuthi wena uthini.”
UHushayi Uhlaba Iseluleko Sika-Ahithofeli
7 UHushayi wathi ku-Absalomu: “Iseluleko akweluleke ngaso ngalesi sikhathi u-Ahithofeli, asisihle neze.”
8 UHushayi wabuye wathi: “Uyazi ukuthi uyihlo nabantu bakhe bangamaqhawe, nokuthi bacasukile ezinhliziyweni, bafana nebhele elephucwe amazinyane alo ehlane. Uyihlo uyindoda yempi, akasoze alala lapho kulele khona abantu. 9Bheka, manje ucashe emgodini noma kwenye indawo. Kuyothi lapho amabutho ethu eqala ukubathelekela, umuntu oyokuzwa uyothi: ‘Abantu abalandela u-Absalomu babulewe.’ 10 Ngisho nonesibindi, onenhliziyo enjengeyengonyama, uyophelelwa ngamandla ngenxa yokwesaba, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabantu ahamba nabo bangamaqhawe anamandla.
11 “Nasi iseluleko sami sokuthi u-Israyeli wonke makaqoqelwe kuwe kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba, ube mningi ngangesihlabathi sasolwandle ngobuningi, bese umhola wena uye naye empini. 12 Siyakumhlasela noma kuphi lapho siyomfica khona, simthelekele kuhle kwamazolo ehlela emhlabathini; akanakuphunyuka, yena nabo bonke abanaye. 13 Uma ebalekela emzini, wonke u-Israyeli uyakuphonsa izintambo kulowo muzi, siwuhudulele emfuleni, kungabe kusafunyanwa khona netshe nje elilodwa.”
14 U-Absalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Iseluleko sikaHushayi, umArikhi, singcono kuneseluleko sika-Ahithofeli.”
Ngokuba uSimakade wayenqumile ukuba kubhuntshe iseluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uSimakade amehlisele okubi u-Absalomu.
UDavide Uyaxwayiswa
15 UHushayi wayesethi kuZadoki no-Abhiyathara, abaphristi: “U-Ahithofeli umeluleke kanje kanje u-Absalomu namalunga akwa-Israyeli. Mina ngabeluleka kanje nakanje. 16 Ngakho-ke phuthumani nithumele kuDavide, nimbikele nithi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni ehlane ngalobu busuku; wela nokuwela, funa inkosi ibhujiswe nabo bonke abantu abanayo lapho.’ ”
17 UJonathani no-Ahimahasi babehlala e-Eni Rogeli; incekukazi yayivame ukuya ibatshele, bese bona bewedlulisela umbiko enkosini uDavide, babekwenza lokhu ngendlela yokuba bangabonwa muntu behamba beya emzini. 18 Kepha mfana mumbe wababona, wayeseyobotha ku-Absalomu, base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBhahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona. 19 Owesifazane wathatha isivalo, wasibeka phezu komlomo womthombo, weneka umgqakazo kuso; kwakungazi muntu ngalokho.
20 Izinceku zika-Absalomu zafika kowesifazane endlini, zathi: “Baphi o-Ahimahasi noJonathani na?”
Owesifazane waphendula wathi kuzo: “Bawele umfudlana.”
Lapho sezibathungathe zancama, zasuka zabuyela eJerusalema.
21 Kwathi sezihambile, baphuma emthonjeni, bahamba bayoyibikela inkosi uDavide, bathi: “Sukani, niwele umfula ngokushesha, ngokuba u-Ahithofeli weluleke kanje ngani.”
22UDavide, nabo bonke abantu ababe naye, basuka bawela iJordani. Kwathi kusa, kwabe kungekho namunye owayesasele engaliwelanga iJordani.
23 Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.
UDavide Unakekelwa EMahanayimi
24 UDavide wahamba waze wafika eMahanayimi, kodwa u-Absalomu nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bawela iJordani. 25 U-Absalomu wabeka u-Amasa ukuba ahole impi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa kwakuyindodana yendoda yakwa-Israyeli okuthiwa ngu-Ithira, owayengene u-Abhigayili, indodakazi kaNahashi, udadewabo kaZeruya, unina kaJowabe. 26Abakwa-Israyeli no-Absalomu bakanisa kwaGileyadi.
27 Kwathi ukuba uDavide afike eMahanayimi; uShobi, indodana kaNahashi waseRabha kwa-Amoni, uMakhiri, indodana ka-Amiyeli waseLo Debhari, noBharizilayi, umGileyadi, waseRogelimi, 28bamlethela amacansi, imicengezi, izitsha zebumba, ubhontshisi, ukolo, ibhali, impuphu, utshwele, imbumba, inhlosa, 29 uju, izaqheqhe, izimvu, noshizi, bakuletha kuDavide nakubantu ababenaye ukuze badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, futhi bomile ehlane.”

Okuqokiwe okwamanje:

2 USamuweli 17: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume