2 USamuweli 16

16
UDavide Uhlangatshezwa NguZiba
1 Kwathi uDavide esedlule ibangana nje esicongweni sentaba, wahlangatshezwa nguZiba, inceku kaMefibhoshethi, nezimbongolo ezimbili ezaziboshelwe, zithwele izinkwa ezingama-200, izigaxa eziyikhulu zamagilebhisi omisiwe, izigaxa eziyikhulu zezithelo zasehlobo, nemvaba yewayini.
2 Inkosi yathi kuZiba: “Ziyini lezi zinto na?”
UZiba wathi: “Izimbongolo ngezokugibelisa abendlu yenkosi. Izinkwa nezithelo ngezokudliwa, kuthi iwayini liphuzwe yilabo asebeyethiswe ukuba sehlane.”
3 Inkosi yayisithi: “Iphi indodana yenkosi yakho?”
UZiba wathi enkosini: “Ihleli eJerusalema ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli izowubuyisela kimi umbuso kababa.’ ”
4Inkosi yathi kuZiba: “Uyabona-ke, konke obekungokukaMefibhoshethi sekungokwakho.”
UZiba wayesethi: “Ngiyakhuleka ukuba ngifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”
UShimeyi Wehla Enyuka Ethuka UDavide
5 Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi. 6 Wamjikijela ngamatshe uDavide nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abantu eyayihamba nabo inkosi, wonke amaqhawe ayemhaqile ngakwesokunene nangakwesokhohlo sakhe. 7UShimeyi wathi lapho ethuka uDavide: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu ongelutho! 8 USimakade ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe. USimakade uwunikele umbuso esandleni sendodana yakho u-Absalomu. Nakhu lapha ukhona, ubhajwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”
9 U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye kuyo ngiyinqume ikhanda.”
10 Yathi inkosi: “Ngihlangene ngani mina nani, madodana kaZeruya? Uma engithuka, ngoba kusho uSimakade kuye wathi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongathi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”
11 UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile. 12 Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”
13UDavide nabantu bakhe baqhubeka nendlela; uShimeyi wagudla intaba elinganisene nabo, ehamba ebathuka, ebajikijela ngamatshe, futhi ebathela ngomhlabathi.
UHushayi Uqinisekisa U-Absalomu
14Inkosi, nabo bonke abantu eyayihamba nabo, bafika eJordani bekhathele; yafike yathi gozololo lapho, yahlumeleleka.
15 U-Absalomu nabo bonke abantu, amadoda akwa-Israyeli, bafika eJerusalema, u-Ahithofeli wayenabo. 16 Kwathi nje lapho uHushayi, umArikhi, umngani kaDavide, efika ku-Absalomu, wathi kuye: “Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.”
17 U-Absalomu wayesethi kuHushayi: “Lokhu kungukwethembeka kwakho kumngani wakho, na? Awuhambanga ngani nomngani wakho, na?”
18Wayesethi uHushayi ku-Absalomu: “Qha, lowo okhethwe nguSimakade, nayilaba bantu, abantu bonke bakwa-Israyeli ngiyakuba ngowakhe, ngihlale naye. 19 Ngiyakukhonza bani uma ngingekhonze indodana yakhe, na? Njengalokhu ngamsebenzela uyihlo, ngizokwenza kanjalo nakuwe.”
U-Ahithofeli Weluleka U-Absalomu Okokuqala
20Wayesethi u-Absalomu ku-Ahithofeli: “Sinike iseluleko sakho, senzenjani, na?”
21 Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Absalomu: “Hamba ulale nezancinza zikayihlo, lezo azishiyile ukuba zinakekele isigodlo; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuthi unengwa kangakanani nguyihlo, bese ziyaqina izandla zabo bonke abanawe.”
22 U-Absalomu bammisela ithende ophahleni lwendlu. U-Absalomu walala nazo zonke izancinza zikayise phambi kuka-Israyeli wonke.
23 Konke u-Ahithofeli ayeluleka ngakho kulezo zinsuku, kwakungathi kubuzwe kuNkulunkulu, ngakho-ke iseluleko sika-Ahithofeli sasihlonishwa nguDavide, kanjalo no-Absalomu.

Okuqokiwe okwamanje:

2 USamuweli 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo