2 USamuweli 16:11-12

2 USamuweli 16:11-12 ZUL20

UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile. Mhlawumbe uSimakade uzolubona usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka kwakhe namuhla.”