UNathani wayesebuyela emzini wakhe.
USimakade wamshaya ngesifo umntwana umka-Uriya amzalela uDavide; umntwana wagula kakhulu. UDavide wamncenga uNkulunkulu ukuba asindise umntwana. UDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke. Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukuze amvuse emhlabathini. Akavumanga, futhi akadlanga nawo ukudla.
Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bhekani, ngesikhathi umntwana esaphila sakhuluma naye, kodwa akasilalelanga. Pho sizomtshela kanjani ukuthi umntwana usefile? Angase azilimaze.”
UDavide wabona izinceku zakhe zihlebelana, waqonda ukuthi umntwana akasekho. Wathi ezincekwini zakhe: “Usefile yini umntwana na?”
Zathi kuye: “Yebo, ufile.”
UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla.
Izinceku zakhe zathi kuye: “Yini le oyenzileyo ngenxa yomntwana na? Umntwana esaphila uzile ukudla, wakhala, lapho esefile, wasukuma wadla ukudla.”
Wathi kuzo: “Ngesikhathi umntwana esaphila ngazila ukudla, ngakhala, ngicabanga ukuthi ngubani owaziyo hleze uSimakade abe nomusa kimi aphile umntwana. Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.”
UDavide wamduduza uBhathisheba, umkakhe; waya kuye, walala naye, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSolomoni. USimakade wamthanda uSolomoni. Wathumela ngomphrofethi uNathani, wamqamba igama wathi nguJedidiya ngenxa kaSimakade.
UJowabe wahlasela iRabha labakwa-Amoni, wadla umuzi wasebukhosini. UJowabe wathumela izithunywa kuDavide, wathi kuye: “Ngihlasele iRabha, ngawudla uMuzi Wamanzi. Ngakho-ke qoqa abantu abasele lapho, ukanise ngakuwo, uwudle, funa uthathwe yimi bese ubizwa ngegama lami.”
UDavide wabaqoqa bonke abantu, waya eRabha, walwa nalo, walidla. Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyithalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; waphanga impango eningi kakhulu kulowo muzi. Abantu ababekuwo wabakhipha, wababulala ngamasaha, ngezibhulo zensimbi, nangamazembe ensimbi, abanye wabasebenzisa ukubumba izitini. Lokho wakwenza kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide, nabo bonke abantu, babuyela eJerusalema.