2 uSamuweli 12:15-31

2 uSamuweli 12:15-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UNathani wayesebuyela endlini yakhe. UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu. UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke. Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukumvusa emhlabathini, kepha akavumanga, futhi kadlanga kudla nawo. Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye, akalalelanga izwi lethu; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.” Kepha uDavide ebona ukuthi izinceku zakhe ziyanyenyezelana, uDavide waqonda ukuthi umntwana ufile; uDavide wayesethi ezincekwini zakhe: “Usefile umntwana na?” Zathi: “Ufile.” UDavide wayesevuka emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wayeseya endlini yakhe; lapho esecela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla. Zase zithi izinceku zakhe kuye: “Yintoni le oyenzileyo na? Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esekhona, kepha lapho esefile, uvukile wadla.” Wathi-ke yena: “Umntwana esekhona ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na? Manje usefile; ngiyakuzilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayikubuyela kimi.” UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni. UJehova wamthanda. Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya* ngenxa kaJehova. UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi. UJowabe wathuma izithunywa kuDavide, wathi: “Ngilwe neRaba, yebo, ngathatha uMuzi Wamanzi. Ngalokho butha abantu abaseleyo, umise ngakuwo umuzi, uwuthathe, funa mina ngiwuthathe umuzi, ubizwe ngegama lami.” UDavide wayesebutha bonke abantu, waya eRaba, walwa nalo, walithatha. Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyitalenta* legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu. Wakhipha nabantu ababe phakathi kwawo, wababeka emasaheni, nasezibhuqweni zensimbi, nasemazembeni ensimbi, wabasebenzisa kohonela; wenze njalo kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.

2 uSamuweli 12:15-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UNathani wayesebuyela emzini wakhe. USimakade wamshaya ngesifo umntwana umka-Uriya amzalela uDavide; umntwana wagula kakhulu. UDavide wamncenga uNkulunkulu ukuba asindise umntwana. UDavide wazila ukudla, wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke. Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukuze amvuse emhlabathini. Akavumanga, futhi akadlanga nawo ukudla. Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bhekani, ngesikhathi umntwana esaphila sakhuluma naye, kodwa akasilalelanga. Pho sizomtshela kanjani ukuthi umntwana usefile? Angase azilimaze.” UDavide wabona izinceku zakhe zihlebelana, waqonda ukuthi umntwana akasekho. Wathi ezincekwini zakhe: “Usefile yini umntwana na?” Zathi kuye: “Yebo, ufile.” UDavide wayesesukuma emhlabathini, wageza, wazigcoba, waphendulela izingubo zakhe, wangena endlini kaSimakade wakhothama, wakhuleka. Wayeseya endlini yakhe wacela ukudla, bakubeka phambi kwakhe, wadla. Izinceku zakhe zathi kuye: “Yini le oyenzileyo ngenxa yomntwana na? Umntwana esaphila uzile ukudla, wakhala, lapho esefile, wasukuma wadla ukudla.” Wathi kuzo: “Ngesikhathi umntwana esaphila ngazila ukudla, ngakhala, ngicabanga ukuthi ngubani owaziyo hleze uSimakade abe nomusa kimi aphile umntwana. Manje usefile; ngisazozilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayukubuyela kimi.” UDavide wamduduza uBhathisheba, umkakhe; waya kuye, walala naye, wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSolomoni. USimakade wamthanda uSolomoni. Wathumela ngomphrofethi uNathani, wamqamba igama wathi nguJedidiya ngenxa kaSimakade. UJowabe wahlasela iRabha labakwa-Amoni, wadla umuzi wasebukhosini. UJowabe wathumela izithunywa kuDavide, wathi kuye: “Ngihlasele iRabha, ngawudla uMuzi Wamanzi. Ngakho-ke qoqa abantu abasele lapho, ukanise ngakuwo, uwudle, funa uthathwe yimi bese ubizwa ngegama lami.” UDavide wabaqoqa bonke abantu, waya eRabha, walwa nalo, walidla. Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo; isisindo sawo sasiyithalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; waphanga impango eningi kakhulu kulowo muzi. Abantu ababekuwo wabakhipha, wababulala ngamasaha, ngezibhulo zensimbi, nangamazembe ensimbi, abanye wabasebenzisa ukubumba izitini. Lokho wakwenza kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide, nabo bonke abantu, babuyela eJerusalema.

2 uSamuweli 12:15-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UNathani wasesiya endlini yakhe. UJehova wamshaya umntwana umka-Uriya amzalela uDavide, wagula kakhulu. UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana; uDavide wazila ukudla, wangena, walala phansi ubusuku bonke. Amalunga endlu yakhe asukuma, aya kuye ukumvusa emhlabathini; kepha akavumanga, akadlanga sinkwa nabo. Kwathi ngosuku lwesikhombisa umntwana wafa. Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile, ngokuba zathi: “Bheka, umntwana esaphila sakhuluma naye, akalalelanga izwi lethu; pho, uzozihlupha kanjani, uma simtshela ukuthi umntwana ufile? Kodwa lapho uDavida ebona ukuthi izinceku zakhe ziyanyenyeza, uDavida wabona ukuthi umntwana ufile; uDavida wasesithi ezincekwini zakhe: Ufile umntwana yini? Bathi: “Ufile.” UDavide wayesesuka emhlabathini, wageza, wamgcoba, washintsha izingubo zakhe, wangena endlini kaJehova, wakhuleka; wacela, babeka isinkwa phambi kwakhe, wadla. Izinceku zakhe zathi kuye: “Kuyini lokhu okwenzileyo na?” Wazila ukudla, wakhala ngomntwana esaphila; kodwa esefile umntwana, wavuka wadla isinkwa. Wathi: “Umntwana esaphila, ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: ‘Ngubani ongazi, uma uNkulunkulu eyakuba nomusa kimi, ukuze umntwana aphile? Kodwa manje usefile, kungani kufanele ngizile ukudla na? ngingambuyisa ngiye kuye, kepha yena akayi kubuyela kimi. UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uSolomoni; uJehova wamthanda. Wathuma ngesandla somprofethi uNathani; waqamba igama layo ngokuthi uJedidiya ngenxa kaJehova. UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathumba umuzi wobukhosi. UJowabe wathuma izithunywa kuDavide, wathi: “Ngalwa neRaba, ngathatha umuzi wamanzi.” Manje-ke hlanganisa abantu abaseleyo futhi umise ngokumelene nomuzi futhi uwuthathe, ukuze ngingawuthathi umuzi futhi ubizwe ngegama lami. UDavide wabutha bonke abantu, waya eRaba, walwa nalo, walithatha. Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda lakhe, isisindo sawo sasiyitalenta legolide, namatshe ayigugu, wafakwa ekhanda likaDavide. Wakhipha impango yomuzi ngobuningi obukhulu. Wakhipha amadoda ayekulo, wawafaka ngaphansi kwamasaha, nangaphansi kwezimbazo zensimbi, nangaphansi kwezimbazo zensimbi, wawadabulisa esithandweni samatshe; wenze njalo kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni. UDavide nabo bonke abantu babuyela eJerusalema.