U-Elisha esefikile endlini, bheka, umntwana wayefile elaliswe embhedeni wakhe. Wangena, wabavalela bobabili isicabha, wakhuleka kuSimakade. Wakhuphuka, walala phezu komntwana, wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe, nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe; lapho esekhothama phezu kwakhe, inyama yomntwana yaqala ukufudumala. Wayesebuya, wahamba ehla enyuka khona endlini; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe; umntwana wathimula kwaze kwaba kasikhombisa; wayesevula amehlo akhe. Wabiza uGehazi, wathi: “Mbize lo mShunemikazi.” Wambiza. Kuthe esefikile kuye, wathi: “Thatha indodana yakho.” Weza kuye, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma.
Funda 2 AMakhosi 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 AMakhosi 4:32-37
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo