U-Elisha esengene endlini, bheka, umntwana wayefile elele embhedeni wakhe. Wangena, wabavalela bobabili isivalo, wakhuleka kuJehova. Wakhuphuka, walala phezu komntwana, wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe, nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe; lapho esekhothama phezu kwakhe, inyama yomntwana yafudumala. Wayesebuya, wahambahamba khona endlini, waya emuva, waya phambili; wakhuphuka, wakhothama phezu kwakhe; umntwana wathimula kasikhombisa; umntwana wavula amehlo akhe. Wayesembiza uGehazi, wathi: “Mbize lowo mShunemikazi.” Wambiza. Esengene kuye, wathi: “Thatha indodana yakho.” Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma.
Funda 2 AmaKhosi 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 AmaKhosi 4:32-37
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo