2 KwabaseKhorinte 4:8-12

2 KwabaseKhorinte 4:8-12 ZUL20

Sicindezelwa nxazonke, kepha asifihlizeki; siyaxakeka, kodwa asidikibali. Siyahlushwa, kepha asilahlwa; siqunjwa phansi, kodwa asibhujiswa. Sithwele njalo emzimbeni wethu ukufa kukaKhristu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. Ngokuba sisaphila, sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni yethu efayo. Ngakho-ke kithina kusebenza ukufa, kodwa kinina ukuphila.