2 KwabaseKhorinte 10:1-5

2 KwabaseKhorinte 10:1-5 ZUL20

Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi. Ngiyacela manje ukuba uma nginani kungadingeki ukuba ngibonise isibindi ngokubaqonda ngqo labo abathi sihamba ngokwenyama. Nakuba siphila sisenyameni, kasilwi ngokwenyama, ngokuba izikhali esilwa ngazo akusizo ezenyama, kodwa ngoNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, zichithe imidlinzo emibi, nakho konke okujulileyo okuziphakamisayo ukuze kumelane nokumazi uNkulunkulu, kepha sithumba yonke imicabango ukuze ilalele uKhristu.