2 IZikhronike 4:1-22

2 IZikhronike 4:1-22 ZUL20

Wakha i-althare lethusi: ubude balo bungamakhubhithi angama-20, ububanzi balo bungamakhubhithi angama-20, nokuphakama kwalo kungamakhubhithi alishumi. Wenza nolwandle olubunjiweyo: kusukela kulolu dini kuya kolunye udini luyisiyingilizi; lungamakhubhithi alishumi, ukuphakama kwalo kungamakhubhithi ayisihlanu. Lalizungezwe ngomucu ongamakhubhithi angama-30. Phansi kwalo kwakunokufana nezintangazane kuluzungezile, kungamakhubhithi alishumi, nxazonke. Izintangazane zazisezinhleni zombili zolwandle, zibunjelwe kulo. Lwalumi phezu kwezinkabi ezilishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene. Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe, lunjengembali yomnduze; lumumatha okulingene namabhati ayizi-3 000. Wakha imicengezi elishumi, eyisihlanu wayibeka ngakwesokunene, neminye eyisihlanu ngakwesokhohlo ukuze kuhlanjelwe kuyo. Bagezele kuyo okweminikelo yokushiswa, kodwa ulwandle lwaluhlambela abaphristi kuphela. Wenza izinti zezibani zegolide njengomthetho wazo, wazibeka ethempelini, eziyisihlanu ngakwesokunene, neziyisihlanu ngakwesokhohlo. Wenza amatafula alishumi, wawabeka ethempelini, ayisihlanu ngakwesokunene, nayisihlanu ngakwesokhohlo. Wenza nezitsha zegolide eziyikhulu. Wenza igceke labaphristi, igceke elikhulu, iminyango yegceke, nezivalo zayo wazemboza ngethusi. Ulwandle walubeka kwesokunene empumalanga yangaseningizimu yendlu. UHuramu wenza amabhodwe, amafosholo, nezitsha. UHuramu wawuqeda umsebenzi ayewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu: izinsika ezimbili, izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, amanetha amabili okwemboza lezo zihloko ezimbili ezinjengezinkamba, ezaziphezu kwezinsika, amahananadi angama-400 awo womabili amanethi, izinhla ezimbili zamahananadi kulelo nalelo netha, ukuze emboze izihloko zombili ezinjengezinkamba eziphezu kwezinsika. Wenza imilenze, wenza nemicengezi emilenzeni, wakha ulwandle olulodwa, nezinkabi ezili-12 phansi kwalo. Wenza amabhodwe, amafosholo, izingwegwe zenyama, nazo zonke izimpahla uHuramu Abhi akwenzela inkosi uSolomoni ngethusi elikhazimulayo, kwaba ngokwendlu kaSimakade. Inkosi yayikwenzela esigodini eJordani, emhlabathini oyibumba ophakathi kweSukhothi neZereda. USolomoni wenza yonke leyo mpahla eyayiningi kakhulu kangangoba isisindo sethusi sasingenakulinganiswa. USolomoni wenza yonke impahla eyayisendlini kaNkulunkulu: i-althare legolide, amatafula okwakukhona kuwo izinkwa zobukhona, izinti zezibani nezibani zazo ukuze zivuthe njengokubalula komthetho, phambi kwegumbi elingaphakathi, kwenziwe ngegolide elicwengekileyo. Izimbali zezibani, nezindlawu kwenziwe ngegolide, igolide elicwengekileyo. Izizenze, izitsha, izinkezo nemicengezi yomlilo kwenziwe ngegolide elicwengekileyo. Iminyango yendlu, izivalo zayo ezingaphakathi endaweni engcwelengcwele, nezivalo zendlu yethempeli kwakuligolide.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo