2 IZikhronike 34:14-28

2 IZikhronike 34:14-28 ZUL20

Besakhipha imali eyayilethwe endlini kaSimakade, uHilikiya, umphristi, wafumana incwadi yomthetho kaSimakade eyayilotshwe nguMose. UHilikiya wathatha wathi kuShafani, umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaSimakade.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi. UShafani wayiyisa incwadi enkosini, wayethulela nombiko othi: “Konke okwanikelwa ezandleni zezinceku zakho ziyakukwenza. Ziyithululile imali eyafunyanwa endlini kaSimakade, zayidlulisela ezandleni zabengameli nasezandleni zezisebenzi.” UShafani, umbhali, wayibikela inkosi, wathi: “UHilikiya, umphristi, unginike incwadi.” UShafani wayeseyifundela inkosi. Kwathi lapho inkosi isiwezwile amazwi omthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya, u-Ahikamu indodana kaShafani, u-Abhidoni indodana kaMikha, uShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: “Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nensali ka-Israyeli noJuda ngamazwi akule ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade ethululelwe phezu kwethu; okhokho bethu abazange baligcine izwi likaSimakade, benza njengalokho okulotshiwe kule ncwadi.” UHilikiya nalabo ababethunywe yinkosi baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThokathi kaHazira, umgcinizingubo. Wayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili; bakhuluma naye kanjalo. Wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: yishoni kulowo muntu onithume kimi, nithi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bhekani, ngizokwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwezakhamuzi, zonke iziqalekiso ezilotshwe encwadini efundwe phambi kwenkosi yakwaJuda, ngokuba bangihlubukile, bayoshisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo. Intukuthelo yami ezakuthululelwa kule ndawo ayiyukucinywa.’ “Kepha enkosini yakwaJuda enithumele ukuba nizobuza kuSimakade niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, mayelana namazwi owezwile, ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade. Bheka, ngiyakukubuthela kokhokho bakho, uyakubuthelwa ethuneni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukububona bonke ububi engiyakubehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhe kuyo.’ ” Baphindisela leli lizwi enkosini.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo