2 iziKronike 34:14-28

2 iziKronike 34:14-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Besakhipha imali eyayilethwe endlini kaSimakade, uHilikiya, umphristi, wafumana incwadi yomthetho kaSimakade eyayilotshwe nguMose. UHilikiya wathatha wathi kuShafani, umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaSimakade.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi. UShafani wayiyisa incwadi enkosini, wayethulela nombiko othi: “Konke okwanikelwa ezandleni zezinceku zakho ziyakukwenza. Ziyithululile imali eyafunyanwa endlini kaSimakade, zayidlulisela ezandleni zabengameli nasezandleni zezisebenzi.” UShafani, umbhali, wayibikela inkosi, wathi: “UHilikiya, umphristi, unginike incwadi.” UShafani wayeseyifundela inkosi. Kwathi lapho inkosi isiwezwile amazwi omthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala uHilikiya, u-Ahikamu indodana kaShafani, u-Abhidoni indodana kaMikha, uShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: “Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nensali ka-Israyeli noJuda ngamazwi akule ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade ethululelwe phezu kwethu; okhokho bethu abazange baligcine izwi likaSimakade, benza njengalokho okulotshiwe kule ncwadi.” UHilikiya nalabo ababethunywe yinkosi baya kuHulda umphrofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThokathi kaHazira, umgcinizingubo. Wayehlala eJerusalema engxenyeni yesibili; bakhuluma naye kanjalo. Wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: yishoni kulowo muntu onithume kimi, nithi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bhekani, ngizokwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwezakhamuzi, zonke iziqalekiso ezilotshwe encwadini efundwe phambi kwenkosi yakwaJuda, ngokuba bangihlubukile, bayoshisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo. Intukuthelo yami ezakuthululelwa kule ndawo ayiyukucinywa.’ “Kepha enkosini yakwaJuda enithumele ukuba nizobuza kuSimakade niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, mayelana namazwi owezwile, ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade. Bheka, ngiyakukubuthela kokhokho bakho, uyakubuthelwa ethuneni lakho ngokuthula, amehlo akho awayukububona bonke ububi engiyakubehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhe kuyo.’ ” Baphindisela leli lizwi enkosini.

2 iziKronike 34:14-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova, uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose. UHilikiya wathatha wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi. UShafani wayiyisa incwadi enkosini, waletha nombiko wokuthi: “Konke okwanikelwa ezandleni zezinceku zakho ziyakwenza. Ziyithululile imali eyafunyanwa endlini kaJehova, zayinikeza ezandleni zababonisi nasezandleni zezisebenzi.” UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: “UHilikiya umpristi unginike incwadi.” UShafani wafunda kuyo phambi kwenkosi. Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi omthetho, yaziklebhula izingubo zayo. Inkosi yayala oHilikiya, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Abidoni indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: “Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi.” Wayesehamba uHilikiya nabanye benkosi, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi indodana kaThokathi kaHasira, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye ngokunjalo. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Tshelani umuntu onithume kimi ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, zonke iziqalekiso ezilotshiweyo encwadini abayifundileyo phambi kwenkosi yakwaJuda, ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’ Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo, ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo, yebo, wazithoba phambi kwami, waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova. Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.

2 iziKronike 34:14-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova, uHilikiya umpristi wathola incwadi yomthetho kaJehova eyanikezwa ngesandla sikaMose. UHilikiya waphendula, wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi. UShafani wayiyisa incwadi enkosini, wayibuyisela inkosi, wathi: “Konke okuphathiswe izinceku zakho ziyakwenza.” Base beyiqoqa imali eyatholwa endlini kaJehova, bayinikela esandleni sababonisi nasesandleni sezisebenzi. UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: “UHilikiya umpristi unginike incwadi. UShafani wayifunda phambi kwenkosi. Lapho inkosi isizwa amazwi omthetho, yaklebhula izingubo zayo. Inkosi yabayala oHilikiya, no-Ahikamu, indodana kaShafani, no-Abidoni, indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi: Hambani ningibuzele kuJehova, nangenxa yabaseleyo kwa-Israyeli noJuda, ngamazwi encwadi efunyenweyo; ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethelulwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukuba benze njengakho konke okulotshwe kule ncwadi. UHilikiya nababemisa inkosi baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikwati, indodana kaHazira, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma kuye ngakho. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, zonke iziqalekiso ezilotshwe encwadini abayifunda phambi kwenkosi yakwaJuda. Ngokuba bangishiyile, bashunqa umusi kwabanye onkulunkulu, ukuba bangidlalise ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; ngalokho ulaka lwami luyakuthululwa phezu kwale ndawo, lungayikucinywa. Kepha inkosi yakwaJuda owayithuma ukuba ibuze kuJehova, usho kuyo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngamazwi owazwileyo; Ngokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho wezwa amazwi akhe ngale ndawo nabakhileyo kuyo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami; nami nginizwile,” usho uJehova. Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, amehlo akho angaboni konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo. Ngakho balibuyisela ilizwi lenkosi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo