2 IZikhronike 27

27
UJothamu Uyinkosi KwaJuda
1 UJothamu wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki. 2 Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengalokho konke ayekwenzile uyise, u-Uziya, kodwa akazange angene ethempelini likaSimakade. Abantu baqhubeka ukwenza okungalungile. 3 Wakha isango elingenhla lendlu kaSimakade; wakha okuningi ogangeni e-Ofeli. 4 Wakha imizi kwelezintaba kwaJuda; wakha emahlathini izinqaba nemibhoshongo.
5Walwa nenkosi yabantu bakwa-Amoni, wabehlula. Ngawo lowo nyaka abakwa-Amoni bamnika amathalenta esiliva ayikhulu, amakhora kakolo ayizi-10 000, nawebhali ayizi-10 000. Nangonyaka wesibili nangowesithathu abakwa-Amoni babuye bakuyisa kuye lokhu.
6 UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.
7 Ezinye izindaba zikaJothamu, nazo zonke izimpi zakhe, nezindlela zakhe, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nawakwaJuda. 8 Wayeneminyaka engama-25 lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. 9UJothamu walaliswa kokhokho bakhe, bammbela emzini kaDavide. U-Ahazi waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IZikhronike 27: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo