2 IZikhronike 26

26
U-Uziya Uyinkosi KwaJuda: Amandla Nochoko Lwakhe
1 Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eli-16, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amaziya. 2Esekhotheme uyise, u-Uziya wakha i-Elathi walibuyisela kwaJuda.
3 U-Uziya wayeneminyaka eli-16 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka engama-52 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJekhiliya waseJeruselama. 4 Wenza okuhle phambi kukaSimakade, njengakho konke u-Amaziya uyise ayekwenzile. 5 Wayelokhu efune uNkulunkulu ngesikhathi sikaZakhariya owamfundisa ukwesaba uNkulunkulu. Ngemihla ayemfuna ngayo uSimakade, uNkulunkulu wambusisa kakhulu.
6 Waphuma wayokulwa namaFilisti, wadiliza ugange eGathi, ugange eJabhine, nogange e-Ashidodi, wakha imizi e-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti. 7 UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababehlala eGuri Bhari nakumaMehuni. 8 Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya. Igama lakhe laduma laze layofika eGibhithe, ngokuba wakhombisa ukudlondlobala ngamandla.
9U-Uziya wakha imibhoshongo eJerusalema ngasesangweni leGumbi, nangasesangweni leSigodi nangaseNqutshini. 10 Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imithombo yamanzi eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi ehlanzeni nasethafeni; wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKharmeli, ngoba wayengothanda umhlabathi.
11U-Uziya wayenamabutho ayephuma ukuyokulwa izimpi ngamaviyo njengokudidiyelwa kwawo nguJehiyeli, umbhali, uMahaseya, umbusi, benganyelwe nguHananiya, enye yezinduna zenkosi. 12Inani lazo zonke izinhloko zoyise, amaqhawe anamandla, kwakuyizi-2 600. 13 Zaziphethe amabutho anamandla ayizi-307 500, ayelwa ngokuzinikela okukhulu ukuba asize inkosi ezitheni. 14U-Uziya wawalungisela wonke amabutho akhe izihlangu, imikhonto, izigqoko, amabhantshi, iminsalo namatshe ezindwayimane. 15EJerusalema wakha imishini yempi eyasungulwa ngokuhlakanipha, wayibeka phezu kwemibhoshongo nasezingosini ezithile, ukuze kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laduma kude naseduze ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla amakhulu.
Ukuzikhukhumeza Kuka-Uziya Nokujeziswa Kwakhe
16 Kepha lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaqala ukuzikhukhumeza, waze waziphatha kabi, akethembeka kuSimakade uNkulunkulu, wangena ethempelini likaSimakade washisa impepho e-althare lempepho. 17 U-Azariya, umphristi, nabaphristi bakaSimakade abangama-50 ababenaye, amadoda anamandla, bangena nabo bamlandela. 18 Bamelana nenkosi u-Uziya, bathi kuyo: “Awufanele ngokwakho, Uziya, ukushisela uSimakade impepho; lokho kungokwabaphristi, abangamadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho. Phuma endaweni engcwele, ngokuba wenze okubi; awuyukufumana ludumo oluvela kuSimakade uNkulunkulu.”
19 U-Uziya wathukuthela. Ngesikhathi ethukuthelela abaphristi, wayephethe isitsha sempepho esandleni sakhe ukuze ashise impepho, ngakho-ke kwavela uchoko ebunzini lakhe, phambi kwabaphristi, endlini kaSimakade, eceleni kwe-althare lempepho. 20U-Azariya, umphristi omkhulu, nabo bonke abanye abaphristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe. Bamkhipha lapho ngokushesha; naye uqobo washesha waphuma, ngokuba wabona ukuthi uSimakade umshayile.
21 U-Uziya, inkosi, waba nochoko waze waficwa lusuku lokufa kwakhe. Wayehlala endlini eyehlukanisiwe kwezinye, ngokuba enochoko. Wanqatshelwa ukuba angene endlini kaSimakade, ngokuba wayenochoko. UJothamu, indodana yakhe, wengamela indlu yenkosi, futhi wehlulela abantu bezwe.
22 Ezinye izindaba zika-Uziya, ezakuqala nezakamuva, zilotshiwe ngu-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amose. 23 U-Uziya wayeselaliswa nokhokho bakhe; bammbela kokhokho bakhe eduze kwensimu yamadlinza amakhosi, ngokuba bathi: “Ungonochoko.”
UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IZikhronike 26: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume